UNogwaja kanye noMvundla
Clever Sithole

Kwasukasukela. Kwakukhona abangani ababili, uNogwaja kanye noMvundla. Babengamathe nolimi.

Laba bangani babefana kakhulu. Kwakunzima ukubahlukanisa nokho uMvundla wayethe ukuba mncane kunoNogwaja.

1

UNogwaja noMvundla babe omakhelwane. Babezihlalela ngokuthula, banezindlu ezinhle futhi eziqinile.

Indlu kaNogwaja yayakhiwe ngodaka, ngotshani nangezigxobo. EkaMvundla yayakhiwe ngotshani nangezigxobo.

2

Indlu kaMvundla yayibukeka ibuthaka kunekaNogwaja. Ngenxa yalokhu, uMvundla waba nomona ngendlu kaNogwaja.

UMvundla wama phandle kwendlu yakhe, wabe eza nomqondo wokucela umngani wakhe ukuthi abaphekane. Akapholisanga maseko, washona khona.

3

Wathi efika uMvundla, wamukelwa ngezandla ezifudumele ngumakhelwane wakhe.

UNogwaja wakhupha izihlalo ezimbili. Baxhawulana, base behlala ngaphandle kwendlu. Bobabili babejabulelene.

4

UMvundla wabe esethi kuNogwaja, "Masibadlale umaphekaphekana." UNogwaja waphendula ngokumangala wabuza, "Ngumudlalo onjani loyo?"

"Uzowuthanda lomdlalo. Sizobasa umlilo, sibilise amanzi bese sizoshintshana ukungena ebhodweni," watsho uMvundla. Bavumelana.

5

Bahamba bobabili baya ehlathini ukuyotheza izinkuni.

Babuya bephethe izinyanda zezinkuni ezimbili base bethatha amabhakede amabili ukuyokha amanzi emfuleni.

6

UNogwaja noMvundla babasa umlilo phambi kwendlu kaMvundla.

Babeka ibhodo elikhulu, elimnyama elakhiwe ngobumba phezu kwamatshe amathathu. Bagcwalisa ibhodo ngamanzi abandayo.

7

UMvundla watshela uNogwaja ukuthi yena uzoba ngowokuqala ukungena ebhodweni. Ngempela, wenza njalo.

Emva kwemizuzu embalwa amanzi esabanda, wakhala uMvundla wathi, "Nogwaja! Nogwaja! Ngikhiphe!" UNogwaja wagxuma, wamukhipha.

8

Kwasekuyisikhathi sokuthi uNogwaja angene ebhodweni.

Amanzi ayeseqala ukufudumala. Ngoba uNogwaja wayemkhulu kuno Mvundla, wazishutheka phakathi ebhodweni.

9

Ngenkathi uNogwaja ephakathi kwebhodwe, uMvundla wangeza izinkuni emlilweni. Amanzi aya afudumala, aze ashisa.

UNogwaja wakhala naye wathi, "Mvundla! Mvundla! Ngikhiphe! Amanzi ayashisa!" UMvundla wamuziba umngani.

10

UNogwaja wamemeza futhi ecela usizo.

UMvundla wazithela ngabandayo izikhalo zakhe. Ibhodwe lawa wase uNogwaja uyasinda noma waphuma enamabala wokusha.

11

UMvundla wayeshaqekile futhi enamahloni. Wabaleka washiya indlu yakhe wayongena ehlathini.

Kuze kube yinamuhla, uMvundla uswela indawo yokuhlala kepha uNogwaja usazihlalele ngenjabulo emzini wakhe.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UNogwaja kanye noMvundla
Author - Clever Sithole
Illustration -
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs