

ULelo intombazanyana esncane eneminyaka eyishumi nanye iminyaka, uLelo ungumntwana ohlakaniphile kakhulu futhi, futhi ozimisele ngakho konke akwenzayo empilweni.
ULelo uhlala nogogo wakhe endaweni yaseMlaza bebezwana kakhulu nogogo wakhe kwakuyilona futhi eyithemba lakhe ugogo wakhe. Akekho umuntu ayemthanda njengo gogo wakhe.
ULelo uno mngani wakhe u UZinzi akhule naye kulona leli lokishi lase Mlaza, babethanda ukufunda izincwadi kakhulu. Bobabili babene phupho elikhulu lokuvula umntapo wolwazi kule ndawo yangakubo,ukuze ithuthuke kanye nabantwana bendawo.
Ugogo ka Lelo wayebeseka kakhulu kuleli phupho. "Zinzi konje singene njani ukuze iphupho lethu libe yimpumelelo?" kubuza uLelo, bobabili bahlala phansi bedla amathambo enqondo"haaaaa!! Nginalo icebo"kusho uLelo.
Sizohamba sicela usizo basiphe izincwadi ezingasa sebenzi, nebala baphuma bengena becela izincwadi, babathakasela kakhulu othishanhloko bezikole ziningi ngomsebenzi Omuhle kangakaka, babuya nenwqaba yezincwadi.
Bathola izincwadi ezahlukahlukene zamabanga ahlukahlulene futhi ezifindeka kalula, babuyela ekhaya bejabule kakhulu "buka gogo" kumemeza ULelo ejabulile. Wamamatheka ugogo egcwele injabulo "ngizonipha igumbi ekuzofundelwa kulo".
ULelo wayemangele kakhulu ngesenzo sika gogo "hawu ngyabonga gogo" bajabula bagijima kakhulu bayovula igumbi ULelo no Zinzi. Balihlanza igumbi laba lihle laqhakaza lanuka ngisho naka mnandi, bapakisha nezincwadi emashalofini.
Ngosuku olulandelayo umphakathi wawugcwele uzobungazabukuvulwa komtapo wolwazi omusha, endaweni yase Mlaza kwakukhona ikhansela lendawo, kwaku Angeles wonke umuntu ngomsebenzi Omuhle kangakaka owenziwe izingane "syanibonga Zinzi no Lelo".
Ningamaqhawe kumemeza umphakathi lwabungazwa lolusuku kwakujatshulwe kudeliwe izingane zigcwele phakathi zizofunda izincwadi, kugcwele nezikhulu zizobona lesimanga, bakonyeliswa izindodo bobabili ULelo no Zinzi, abasoze balikhohlwe lolusuku.

