

Ngusuku lokuqala lwesikole.
Izingane ndawo zonke zivuka zinenjabulo ngosuku lwazo olukhulu.
uLesego waye ngumunye wabo abaya esikoleni, kodwa kwakukhona inkinga eyayisivelile.
Izinwele zika Lesego zazi hlangahlangene okwesimanga.
"Ashu Baba! Kubuhlungu!" kumemeza uLesego.
"Nigiyaxolisa mntanami, angijwayelanga ukwenza izinwele zakho," kuphendula uBaba wakhe.
uLesego aphefumulele phezulu.
"uMama uhlezi afutha amanzi kuqala."
uBaba ka Lesego adonse isifutho esinamanzi afuthe izinwele zika Lesego.
Kancane, kancane kuqale ukulunga.
Ngaphesheya kwedolobha, uJessica uvukela ukuzilungiselela usuku lwakhe lokuqala lwesikole.
Uzibhuka esibukweni, umangele.
Izinwele zakhe zaziqonde thwi, azivumi ukukameka.
uJessica agezwe izinwele nguMama wakhe.
"Mama, yindaba izinwele zami zingafani njenge zakho?" ebuza edangele uJessica.
Ngephimbo elinemfudumalo, uMama ka Jessica aphendule, "Izinwele zakho zinhle ngendlela ezadalwa ngazo. Awucabangi ukuthi kuwumbono omuhle ukuthi sifake umhlobiso ezinweleni?"
Ngale kwaLesego, uBaba wakhe wabopha amaphondo amabili. Kwaku ngasiso isimanga, kodwa kwakuyinto enhle phakathi kwabo.
"Noma engekho njengawa Mama, senze kahle kakhulu!" kusho uLesego eveza elomhlathi.
"Wamuhle ntombazane ka Baba," kuphendula uBaba wakhe emoyizela.
Esikoleni, uLesego noJessica bahlangane emnyango.
"Zaze zazihle izinwele zakho!" kusho uLesego.
"Ngiyabonga! Aze amahle amaphondo akho!" kuphendula uJessica.
Bamoyizela bezizwa kanconywana ngezinwele zabo.
Ngesikhathi sokudla, uKgosi, uNamjoon, uLesego kanye noJessica bahlangana ngase mjikelweni.
"Kwaze kwangathi ningamawele," esho uKgosi ngenxa yezinwele zabo.
uLesego aphendule ahleka," uBaba uzamile impela kodwa uMama wenza kancono kakhulu."
uNamjoon aphefumulele phezulu.
"Nami ngiyafisa engabe izinwele zami zilala kahle ekhanda. Noma ngifaka i-gel engakanani, azihlali kahle," esho edangele.
uKgosi aphendule ehleka, "Nami ngiyafisa engabe ezami izinwele zifana nezakho. Ezami zithatha isikhathi eside ukuthisthwa."
"Kushuthi wonke umuntu unezikinga ngezinwele zakhe,' kusho uLesego emoyizela.
"Kodwa kuyinto enhle ukuhluka kwezinwele zethu," kusho uJessica.
Bonke bevume.
Noma izinwele zabo zinezinkinga zazo, ziyabahlukanisa kwabanye.
"Izinwele zethu ziyinxenye yethu njengabantu," kusho uNamjoon.
"Noma izinwele zethu zike zenze intando yazo, zisezinhle," kuphawula uKgosi.
uLesego amoyizele ejabuliswa imibono yabangani bakhe abasha.
"Futhi yikho kubalulekile ukuthi sikukhumbule lokho!"

