UToki Nokukhanya
Sivenathi Makhanda
Nentshi Raphetana

This storybook was created, written, illustrated, and published in 2024 by first-year Publishing Studies students at the University of Pretoria.

1

UToki wayethukile kakhulu. UNksz Lesedi wayemkhethe ukuthi abe umethuli wohlelo lwekhono ezikoleni. Ubezoba sesiteji ubusuku bonke ebhekiwe.

2

UToki wayeyisithunzi, futhi wonke umuntu wayazi ukuthi isithunzi sihlala obala uma kukhanya. Kwadingeka athole indlela yokungakwenzi ngaphandle kokubonakala njengekati elethukile. Kungenjalo ezinye izingane zazizohlekisa ngaye.

3

Waya kuMnumzane uMninisitolo omdala eyocela usizo ngoba wayesekhulile, futhi wonke umuntu wayazi ukuthi abantu abadala babazi konke. Wayezotshela uToki ukuthi angaluthola kanjani usizo.

4

"Sawubona Toki, unjani namhlanje?" Kubuza usositolo. "Ngiyaphila Mnumzane, kodwa ngidinga usizo lwakho." Kuphendula uToki.
"Ngingakujabulela ukusiza. Ngingakwenzelani?" Kusho uMuzi. "Angisafuni ukuba yisithunzi. Ngingashintsha kanjani?" Kusho uToki.

5

"Ungathanda ukungitshela ukuthi kungani ungasafuni ukuba yisithunzi?" kubuza umninisitolo. UToki wathula, esaba nokutshela ikhehla elihlakaniphile ukuthi wesaba ukubonwa.

6

"Awu, bengicabanga kanjalo. Akukho lutho olungalungile ngokuba yisithunzi sikaToki kodwa uma ngempela ufuna ukushintsha ngingaphakamisa ukuthi uye kumama wethunzi uMamlambo," kusho umninisitolo.

7

"Kanti angasiza?" kubuza uToki. "Yebo. Angakwazi. Udinga nje ukuya kuye. Uhlala ngaphansi kwebhuloho eliwela uMfula i-Orange." Kuphendula uSositolo. UToki wamamatheka futhi wabonga uMninisitolo ngaphambi kokuba aqale uhambo lwakhe oluya kuMamlambo.

8

Lapho uToki efika emzini kaMamlambo, wanikwa itiye namakhekhe. "Pho, ngingakusiza ngani mncane?" kubuza uMamlambo. "Angisafuni ukuba yisithunzi. Ngicela ungilungise?" Kuphendula uToki. UMamlambo wamangala, "Kungani ungafuni ukuba yisithunzi?" Ebuza.

9

"Angifuni ukusha ngaphansi kokubukwa. Wonke umuntu uyazi ukuthi ukukhanya kushisa ithunzi. " Kusho uToki. Evuma uvalo lwakhe. Ahleke uMamlambo. "Lokho akulona iqiniso. Ukukhanya akushisi izithunzi. Ngumngane." Wathi. "Ingabe? ebuza engakholwa. "Yebo, ukukhanya kwenza ithunzi.
Akuyona into okufanele uyesabe." Esho emamatheka.

10

Ngobusuku bohlelo lwama khono uToki wayengathukile. Wama ngaphansi kokukhanya. Ukukhanya kwakhanya kuye, futhi wonke umuntu wayebona ukuthi wayemangalisa kanjani.

11
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UToki Nokukhanya
Author - Sivenathi Makhanda, Amanda Katlego Masimula
Illustration - Nentshi Raphetana
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs