uSifiso wayesithanda isikole kodwa uyise wabe efuna ukuba abengumeluse wezimvu.
USifiso waliba ukufunda izincwadi zakhe zesikole. Izimvu zahambela buqamama naye. Zangena esivande sikagogo.
USifiso wethuka uma ebona Izimvu zidla izitshalo esivandeni.
Uyise wayethukuthele egane unwabu.
Bazigquba zabuyela esibayeni. USifiso waxolisa kakhulu kuyise.