Ngqi! Sakubamba
Nosipho Biyela
Offei Tettey Eugene

USandile noAndile bahlala nomama wabo. Njalo ngempelasonto bavakashela umkhulu wabo,ofike ebaphekele idili. Phela lamawele angamathe nolimu nomkhulu wabo alipheli impelasonto bengamuvakashelanga.

1

Uma sekuzokuhlwa umkhulu ubafakela ukudla kwiqoma ukuze bephathele umama wabo ekhaya. Sebeyohamba ke bebambisene leliqoma. Bahamba nje belingise ikhali zabo zokuzivikela emahlombe.

2

Waaaaah!! Kwavumbuka iMfene emgwaqeni. USandile noAndile badedela iqoma bethuswa imfene. Bahlahla amehlo bangazi noma bebaleke noma beme. Babethukile.

3

Lemfene yabaphuca ukudla kwabo yakudla phambi kwabo..."mmmmhhh!!! Kumnandi lokhu kudla ngizodla ngisuthe namuhlanje." Yakudla yakushaya yakuvala ukudla kwabo. Bakhala baze bathula, beyibuka lemfene izibiza ngokudla kwabo.

4

Baphindela emuva kumkhulu wabo bayomutshela ikinga esebebhekane nayo. Umkhulu waye casukile ukuzwa ukuthi abazukulu bakhe bahlushwa imfene. Akekho umuntu owayenemvumo yokuhlupha abazukulu bakhe.

5

Umkhulu wabanika icebo lokuziphindiselela kulemfene ebahluphayo. Wabanika elinye iqoma kodwa leli lalikhulu kunelakuqala. Yasho yaqamuka imfene, ijabule ukuthi sebephethe okunye ukudla futhi.

6

Lethani lana nina leliqoma, vele beniyolandela mina lokhu kudla. Hehe he! Isho ihleka imfene, bamunika ngesihle bangamulwisa, futhi bangakhala. Kanti akabuzanga elangeni..

7

Woof! woof! Yagxuma yahlala inja ibamba imfene ingalo. Awuuuu! Bambani inja ngiyayisaba inja weeeh! Nansi ingiluma ingalo! Nqgi sakubamba! Esho ehleka amawele wagcina lapho umfene ukuphuca abantu izinto zabo.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ngqi! Sakubamba
Author - Nosipho Biyela
Illustration - Offei Tettey Eugene
Language - Zulu
Level - First paragraphs