

USandile noAndile bahlala nomama wabo. Njalo ngempelasonto bavakashela umkhulu wabo,ofike ebaphekele idili. Phela lamawele angamathe nolimu nomkhulu wabo alipheli impelasonto bengamuvakashelanga.
Uma sekuzokuhlwa umkhulu ubafakela ukudla kwiqoma ukuze bephathele umama wabo ekhaya. Sebeyohamba ke bebambisene leliqoma. Bahamba nje belingise ikhali zabo zokuzivikela emahlombe.
Waaaaah!! Kwavumbuka iMfene emgwaqeni. USandile noAndile badedela iqoma bethuswa imfene. Bahlahla amehlo bangazi noma bebaleke noma beme. Babethukile.
Lemfene yabaphuca ukudla kwabo yakudla phambi kwabo..."mmmmhhh!!! Kumnandi lokhu kudla ngizodla ngisuthe namuhlanje." Yakudla yakushaya yakuvala ukudla kwabo. Bakhala baze bathula, beyibuka lemfene izibiza ngokudla kwabo.
Baphindela emuva kumkhulu wabo bayomutshela ikinga esebebhekane nayo. Umkhulu waye casukile ukuzwa ukuthi abazukulu bakhe bahlushwa imfene. Akekho umuntu owayenemvumo yokuhlupha abazukulu bakhe.
Umkhulu wabanika icebo lokuziphindiselela kulemfene ebahluphayo. Wabanika elinye iqoma kodwa leli lalikhulu kunelakuqala. Yasho yaqamuka imfene, ijabule ukuthi sebephethe okunye ukudla futhi.
Lethani lana nina leliqoma, vele beniyolandela mina lokhu kudla. Hehe he! Isho ihleka imfene, bamunika ngesihle bangamulwisa, futhi bangakhala. Kanti akabuzanga elangeni..
Woof! woof! Yagxuma yahlala inja ibamba imfene ingalo. Awuuuu! Bambani inja ngiyayisaba inja weeeh! Nansi ingiluma ingalo! Nqgi sakubamba! Esho ehleka amawele wagcina lapho umfene ukuphuca abantu izinto zabo.

