Uhambo oluya kwa gogo
Ntando Ngobese
Offei Tettey Eugene

Umalume uhleli nabashana bakhe bayadla.
Umalume,"Sipho no Sbahle uma niqeda ngifuna ukunithuma kwa gogo Dlomo niyomuhambisela isipho "."yebo malume "kuphendula u Sipho ngokujabula.

1

USipho no Sbahle bahamba endleleni bezixoxela behleka.Phela bayazi ukuthi ugogo angahle abaphe imali yoswidi uma sebebuya.

2

Kusenjalo bezwa ngento ehoshozayo.uma bebheka abona imfene.USipho no Sbahle bethuka .

3

Imfene yathi'"lethani leyonto eniyiphethe lapho".Izingane zayinika ngokwesaba.Imfene yajabula ithembe ukuba izothola oluya esiswini.

4

Nangebhadi ithe isavula yalunywa inja.Abafana bayihleka lemfene

5

Inja yabaleka ,imfene yathola ukudla yadla .Abafana bavele bakhala Bengazi ukuba bazakuthini ku malume wabo

6

Abafana baphindela ekhaya batshela umalume ukuba kwenzakaleni .Wayecasukile umalume Kodwa wabaxolela

7
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Uhambo oluya kwa gogo
Author - Ntando Ngobese
Illustration - Offei Tettey Eugene
Language - Zulu
Level - First paragraphs