

USitezi noQhugwane babengabangani abakhulu. Umakhelwane wabo kwakunguMkhukhu. Ngelinye ilanga uMkhukhu walahleka. USitezi noQhugwane kwafanela ukuthi bahambe bayomfuna. Baqala-ke bamfuna yonke indawo.
Bathi besahamba uSitezi noQhugwane, bahlangana noZozo bammisa. Bambuza ukuthi akakaze ambone yini umakhelwane wabo, uMkhukhu. " Cha, angikaze ngimbone. " Baqhubeka bahamba.
Besendleleni bahlangana noMxhaso. Basebeqala ukukhathazeka base beyammisa naye. " Awubonanga umakhelwane wethu uMkhukhu?." " Cha! lutho, angikaze ngimbone. " Baqala ukukhathazeka kakhulu manje ngokuphepha komakhelwane wabo.
Baqhubeka behamba, kodwa bengatholi umkhondo ngomakhelwane wabo uMkhukhu. UQhugwane waqala ukubona ukuthi uSitezi uhamba kancane kakhulu kunakuqala. Wathi, "Kungani uhamba kancane Sitezi, mhlawumbe umakhelwane wethu usengozini nje."
"Awunamahloni bo! Ngihamba kancane mina ngoba umzimba wami uyasinda, ngakhiwe ngezinto eziningi ezisindayo nezibizayo, ngimude futhi ngimkhulu kunawe."
"Ungacabangi nje ukuthi wena ungcono kunami. Vele mina ngimfushane, ngakhiwe ngezinto ezishibhile futhi ezimbalwa, abantu abaningi basendulo bayangithanda kunawe ngoba ehlobo ngipholile kanti ebusika ngifudumele." Kwasho uQhugwane.
" Weeee! nami abantu besimanjemanje bayangithanda. Ehlobo bavele bavule lamawindi ami amakhulu neminyango emikhulu, kanti ebusika bayavala bese bekhanyisa izifudumezi zikagesi kuvele kufudumale indlu yonke nabo bafudumale." Kwasho uSitezi.
"He! He! He! Uyabona mngani ukuthi sibaluleke sobabili ebantwini? Hhayibo! Bheka nanguya uMkhukhu phansi kwesihlahla." Kwasho uQhugwane. Bagijima bamthola opha, bamphelezela ekhaya lakhe. uMkhukhu wababonga ngokuba womakhelwane abanosizo.

