Umakhelwane olahlekile
Thobile Ingid Nikiwe Masango

USitezi noQhugwane babengabangani abakhulu. Umakhelwane wabo kwakunguMkhukhu. Ngelinye ilanga uMkhukhu walahleka. USitezi noQhugwane kwafanela ukuthi bahambe bayomfuna. Baqala-ke bamfuna yonke indawo.

1

Bathi besahamba uSitezi noQhugwane, bahlangana noZozo bammisa. Bambuza ukuthi akakaze ambone yini umakhelwane wabo, uMkhukhu. " Cha, angikaze ngimbone. " Baqhubeka bahamba.

2

Besendleleni bahlangana noMxhaso. Basebeqala ukukhathazeka base beyammisa naye. " Awubonanga umakhelwane wethu uMkhukhu?." " Cha! lutho, angikaze ngimbone. " Baqala ukukhathazeka kakhulu manje ngokuphepha komakhelwane wabo.

3

Baqhubeka behamba, kodwa bengatholi umkhondo ngomakhelwane wabo uMkhukhu. UQhugwane waqala ukubona ukuthi uSitezi uhamba kancane kakhulu kunakuqala. Wathi, "Kungani uhamba kancane Sitezi, mhlawumbe umakhelwane wethu usengozini nje."

4

"Awunamahloni bo! Ngihamba kancane mina ngoba umzimba wami uyasinda, ngakhiwe ngezinto eziningi ezisindayo nezibizayo, ngimude futhi ngimkhulu kunawe."

5

"Ungacabangi nje ukuthi wena ungcono kunami. Vele mina ngimfushane, ngakhiwe ngezinto ezishibhile futhi ezimbalwa, abantu abaningi basendulo bayangithanda kunawe ngoba ehlobo ngipholile kanti ebusika ngifudumele." Kwasho uQhugwane.

6

" Weeee! nami abantu besimanjemanje bayangithanda. Ehlobo bavele bavule lamawindi ami amakhulu neminyango emikhulu, kanti ebusika bayavala bese bekhanyisa izifudumezi zikagesi kuvele kufudumale indlu yonke nabo bafudumale." Kwasho uSitezi.

7

"He! He! He! Uyabona mngani ukuthi sibaluleke sobabili ebantwini? Hhayibo! Bheka nanguya uMkhukhu phansi kwesihlahla." Kwasho uQhugwane. Bagijima bamthola opha, bamphelezela ekhaya lakhe. uMkhukhu wababonga ngokuba womakhelwane abanosizo.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Umakhelwane olahlekile
Author -
Illustration - Thobile Ingid Nikiwe Masango
Language - isiZulu
Level - First paragraphs