Umdlwane ka Lwazi
Polori Lindiwe Salome
Polori Lindiwe Salome

Ngelinye ilanga kwakunomfanyana igama lakhe lingu Lwazi. U Lwazi wayeneminyaka eyi 9, a hlala nonina elokishini lase Tikwana. U Lwazi wayethanda izinja kakhulu. Wayenechalaha alibiza ngo Chesta.

1

Ngelinye ilanga ekuseni wavuka ethi uyonika u Chesta ukudla, wathola u Chesta elele nemidlwane eyi 12.wajabula kakhulu. Ntambama uma umama wakhe esebuya, wambiza ukuba azobona imidlwane ka Chesta.

2

U Lwazi wathanda omunye umdlwane owawukhuluphele wawetha igama ethi ngu Thayisini. Wathengisa eminye imidlwane eyi 11 Kanye nonina u Chesta. Wasala no Thayisini yedwa. Emva kweviki wathola u Thayisini elimele kakhulu, opha onyaweni.

3

Ntambama uma unina ebuya emsebenzini. U Lwazi wamkhombisa inja elimeme, ekhathazekile wase ecela umama wakhe ukuba bahambise u Thayisini kudokotela wezinja. Base bephuthuma khona. Bathe befika esibhedlela sezilwane.

4

Udokotela wezinja wathi ku Lwazi "Kuzofanele agcine uThayisini amaviki amabili ukuze alulame". Emva kwamaviki amabili u Lwazi nonina baphindela esibhedlela ukuyohlola u Thayisini. Bathola u Thayisini esengcono kakhulu futhi adlala.

5

U Lwazi wathola u Thayisini adlala nezinye izinja. Wajabula kakhulu ebona inja yakhe ijabulile

6

Udokotela wathi ku Lwazi"UThayisini wayelunywe yigundane elikhulu, ngoba u Thayisini usengumdlwane, akakakwazi ukuzivikela kwezinye izilwane uma zimhlasela".

7

U Lwazi wase ecela kumama wakhe ukuba avumele u Thayisini alale nabo endlini aze akhule akwazi ukuzivikela uma ezinye izilwane zimhlasela. Umama wavuma. U Lwazi wajabula kakhulu ngoba wayeyithanda inja yakhe.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Umdlwane ka Lwazi
Author - Polori Lindiwe Salome
Illustration - Polori Lindiwe Salome
Language - isiZulu
Level - First paragraphs