Indlu yami
Jocelyn Mngomezulu
Jocelyn Mngomezulu

“Ngizoyakha indlu yami nizobona”, Ngisho ngiphezulu esihlaleni ngibheka indawo ezolunga.

1

“Akekho umuntu owake wakha indlu esihlahleni wena ungazosihlolela “ kukhala abasekhaya. “Awehle lapho uzoshanela igceke”.

2

Uma nje bengangiyeka kancane nje ngithi ukucabanga ngingayenza lento bazobona.

3

Ngifuna indawo enamagatsha aqinile azokwazi ukuthwala indlu yami.

4

Ngifuna indawo ecashile engenawo umoya omningi.

5

Bazoyibona indlu yami. Ngisayicabanga nje, kodwa yona bazoyibona.

6

Izoba namafastela abheke empumalanga. Liyothi uma lisa ekuseni liqale ngami ukukhanyisa.

7

“Heyi wena awehle lapho bo” , sekukhala umfowethu , “kunini bengithuma ungekho, awubuye ekhaya manje”

8

Sengobuye ngibuye ngizocabanga. Kodwa yona indlu yami, ngizoyakha futhi bazoyibona.

9
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Indlu yami
Author - Jocelyn Mngomezulu
Illustration - Jocelyn Mngomezulu, Brian Wambi
Language - isiZulu
Level - First paragraphs