

Igama lami ngingu Angel. Ngineminyaka eyisishiyagalombili. Nginomzimba omncane omuhle.
Umama wangifundisa ukuthi umzimba wami uyimfihlo. Akekho ovumelekile ukuthi awuthinte ngaphandle kwami.
Nginekhanda, amahlombe, amadolo nezinzwane. Enye ingxenye enginayo ayibonwa obala. Okusho ukuthi zifihliwe. Ngizibiza ngesitho sami sangasese.
Umama nobaba bake bangitshela ukuthi ngiyinkosazane yabo encane, futhi uma othile engiphatha kabi ngihlale ngibatshele.
Ngelinye ilanga sivakashele kwagogo, kwangena umalume ekamelweni engangizidlalela kulo. Wangigona wangithinta kwenye yezindawo ezicashile. Ngesaba kakhulu ngavele ngahlala lapho engangihleli khona.
Ngacabanga :
Le ingxenye yami yangasese! Kungani enze lokhu?
Wathi asiyigcine iyimfihlo yethu encane. Ngingatsheli muntu. Kodwa ngakhumbula engakutshelwa abazali bami. Ngaphuma ekamelweni ngigijima ngamemeza, mama! Baba!
Ngatshela umama nobaba ukuthi kwenzakaleni. Bathi bayaziqhenya ngokubazisa ngaso lesosikhathi.
Bakholwa yiloko engibatshele khona. Lapha beya ekamelweni umalume wayengasekho. Wabaleka.
Ngajabula kakhulu ukuthi ngangikhumbulile engangikufundisiwe ngumama.
Lo! Umzimba wami, ungowami.
Isiphetho.

