Isiqhwaga Semfene
Sihle Duncan Sibiya
Offei Tettey Eugene

Ngelinye ilanga Kwakukhona uBaba namadodana akhe amabili ayewathanda ngoba ayethumeka futhi emusiza njalo.

1

UBaba wawathuma ukuthi ahambisele umakhelwane izithelo nemifino ayekade ezivunile ekuseni. Nangempela bathumeka bahamba abafana.

2

Bathi besahamba endleleni bezwa ngomsindo usuthi “Waaaaaaaa u u u u!!”. Weeeeh! Imfene, (bebeka phansi izithelo nemifino befuna ukuthatha izizenze zabo.)

3

Bavele bethuka boma, bebona lesilwane esikhulu kangaka (Imfene). Phela yavele yagxuma yagxambukela yavula ukudla (izithelo nemifino) okwakuku “Bhaskidi.”

4

Baba! Baba! (Behefuzela phezulu) Sesihlangane nenkulu imfene yakuthatha konke ukudla kwamakhelwane obusithume khona!. (Walalela wathula ubaba wadla amathambo engqondo ngecebo lokuthi bangenzenjani ukuphindisela kulelibhoklolo lemfene).

5

Babuyela abafana endleleni ukuyolutha imfene futhi. Ababuzangs elangeni, Memfu!! Yavela futhi imfene “Waaaaaaa! U u u u” kusho imfene ibheke ngqo kuBhaskidi ababewuphethe.

6

“Sikuphathele nakhu ukudla Bhoklolo ndini Kulungile liyoze line ngakithi” kusho abafana. Nangempela yakuthatha ukudla mbumbulu imfene.

7

“Grooooooowl, Hoof Hoof”...” iiiiih ew ew ew” kwaphumaaaa Injaaaa kaBaba yokuzingela eyayinamandla asabekayo yayilumaaaa imfene yaze yayibulala....

8

Isifundo

Ungabomusukela omunye umunt ngoba nakhu engakwazi ukuzilwela ngoba awuwazi amandlakhe angakanani. Isilo siyawafinyeza amazipho.

9
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Isiqhwaga Semfene
Author - Sihle Duncan Sibiya
Illustration - Offei Tettey Eugene
Language - isiZulu
Level - First paragraphs