

Ngelinye ilanga Kwakukhona uBaba namadodana akhe amabili ayewathanda ngoba ayethumeka futhi emusiza njalo.
UBaba wawathuma ukuthi ahambisele umakhelwane izithelo nemifino ayekade ezivunile ekuseni. Nangempela bathumeka bahamba abafana.
Bathi besahamba endleleni bezwa ngomsindo usuthi “Waaaaaaaa u u u u!!”. Weeeeh! Imfene, (bebeka phansi izithelo nemifino befuna ukuthatha izizenze zabo.)
Bavele bethuka boma, bebona lesilwane esikhulu kangaka (Imfene). Phela yavele yagxuma yagxambukela yavula ukudla (izithelo nemifino) okwakuku “Bhaskidi.”
Baba! Baba! (Behefuzela phezulu) Sesihlangane nenkulu imfene yakuthatha konke ukudla kwamakhelwane obusithume khona!. (Walalela wathula ubaba wadla amathambo engqondo ngecebo lokuthi bangenzenjani ukuphindisela kulelibhoklolo lemfene).
Babuyela abafana endleleni ukuyolutha imfene futhi. Ababuzangs elangeni, Memfu!! Yavela futhi imfene “Waaaaaaa! U u u u” kusho imfene ibheke ngqo kuBhaskidi ababewuphethe.
“Sikuphathele nakhu ukudla Bhoklolo ndini Kulungile liyoze line ngakithi” kusho abafana. Nangempela yakuthatha ukudla mbumbulu imfene.
“Grooooooowl, Hoof Hoof”...” iiiiih ew ew ew” kwaphumaaaa Injaaaa kaBaba yokuzingela eyayinamandla asabekayo yayilumaaaa imfene yaze yayibulala....
Isifundo
Ungabomusukela omunye umunt ngoba nakhu engakwazi ukuzilwela ngoba awuwazi amandlakhe angakanani. Isilo siyawafinyeza amazipho.

