

Ukufika kwegciwane leKhovidi kwenze bonke abafundi bahlale emakhaya. Abafundi bavula isikole bethokozile ukuya ebangeni elisha. Amaphupho abo okuphumelela bawabona eshabalala. Othisha nabo babephatheke kabi.
Izingane zahlala emakhaya ngoba igciwane leKhovidi lalisabalala ngesivinini. Baningi abantu abaswelakala. Abanye abantu babesinda. Izibhedlela zagcwala zaphiphima. Abantu bakhelwa amatende ababezonyangelwa kuwo. Imibhede yabekwa ematenden.
Abafundi babhala umsebenzi owawulungiswa othisha ukuzikhumbuza ukuthi kwenziwani esikoleni. Bekungekho lula kodwa sifundile okuningi ngosizo lwethekhinoloji. Omunye umsebenzi wokufunda besiwuthola emafonini abazali.
Kwathi lapho u gqongqoshe ememezela ngosuku lokuvulwa kwezikole, abantwana bajabula kakhulu. Kona abusekho ubumnandi ngoba asithintani futhi asidlali ngoba siyesaba.
Izwe lethulaseNingizimu Afrika lithenge imishanguzo yokudambisa igciwane. Abantu bonke bekumele bagqoke izamfonyo.

