

Nanku ujeke kajusi kalamula.
Iyabanda futhi inoshukela.
Siyisishiyagalombili lapha.
Singawuhlukanisa kanjani ujusi ukuze sonke sithole ngokulingana?
Singakala izingxenye eziyisihiyagalombili kujeke.
Singasebenzisa intambo ukukala.
Sika intambo ilingane nojusi okujeke.
Goqa intambo ngokulingana kayisishiyagalombili.
Qopha izingxenye ezilinganayo kujeke.
Manje sesingathela izingxenye eziyisishiyagalombili ezilinganayo zikajusi.
Siyabelana ujusi kalamula.
Uma usuphelile, sifuna ukuphuza omunye!
Uwenza kanjani ujusi kalamula?
Ujusi kalamula
amanzi – 7 izinkomishi
ushukela – 2 izinkomishi
ujusi wamalamula – 1 inkomishi
Kuzofanele ukhame olamula abavuthiwe ababalelwa kwabayi i-7.
Sebenzisa ujeke omkhulu noma ibhodlela eliyisilinganiso samalitha amabili ukuhlanganisa izithako.
Indlela
1. Hlanganisa ushukela nojusi kalamula kanye nezinkomishi ezimbili zamanzi abandayo.
2. Goqoza kujeke noma uxukuze ibhodlela kuze kuncibilike ushukela.
3. Thela izinkomishi eziyisihlanu zamanzi abandayo.
Nayi enye indlela yokubhala irecipi:
1/10 ujusi kalamula
2/10 ushukela
7/10 amanzi
Ujusi kalamula ozwayo uyingxenye eyodwa kajusi wonke usuphelele.
Zingaki izingxenye kujusi usuphelele?
Isithombe sibonisa uhhafu kalamula.
Zingaki izingxenye zohhafu kalamula?
Zingaki izingxenye kulamula ophelele?
Ingxenye iyinye iyiqhezu likalamula ophelele.

