Igundane elincane elinoboya
Zanele Ndlovu
Aruna Keerthi Gamage

Igundane elincane elinoboya elaligange kakhulu lalihlezi othangweni libuka umuzi wakwaZwane.

Lalicabanga ngokuthi konje lalingangena kanjani ngaphakathi endlini ukuze liyoganga.

Siyazi sonke ukuthi amagundane yizilwane ezigangile.

1

Lasheshe lathola ukuthi lingangena kanjani endlini. Langena laqonda etafuleni lafica ikhompyutha ibekwe khona.
Laqala laququda intambo yokuyixhuma.

Uyakubona lokhu kuganga esikhuluma ngakho?

Awucabange ngamazinyo amade egundane eququda intambo yekhompyutha!

2

Kusenjalo lezwa izwi lithi, "Wenzani lapho, uququda intambo? Leyo ntambo ngumsila wami! Uyangilimaza!"

Igundane elinoboya eligangile laqalaza libheka ukuthi kwakungubani lona okhulumayo. Labuza, "Ungubani wena okhulumayo? Wenzani lapha?"

Igundane lekhompyutha laphendula, "Mina ngiyigundane lekhompyutha. Ngihlala lapha, ikhaya lami leli."

3

Lahleka laqethuka igundane elinoboya lathi, "Hahahaha! Ungazibiza kanjani ngegundane ungafani nami? Yimina igundane langempela.

Ufuna ngikukhombise ukuthi amagundane angempela enzani?" kusho igundane elinoboya eligangile.

4

Lagijima laqonda ekhishini lafike lantshontsha isigaxa sekhekhe likashizi. Lathi, "Uyakwazi ukudla ikhekhe wena njengoba ungenawo nomlomo?"

Lisho lihleka kakhulu.

5

Igundane lekhompyutha lavele langcofoza inkinobho.

Kwathi bhanya! Kwavela isithombe sekhekhe elikhulu kukhompyutha.

Igundane elinoboya lachazeka kakhulu libona lemigilingwane.

6

Igundane elinoboya lathi ukucabanga, labona ipensele phezu kwedesiki.

Lalicosha laliququda.

Ukungcola okwaba lapho! Izicucu zepensela sezigcwele phezu kwedesiki.

Lazishaya isifuba lathi, "Awubheke nje ukuthi igundane langempela lenzani okhunini!"

7

Igundane lekhompyutha laphinde langcofoza inkinobho. Bhanya! "Awubheke ukuthi mina ngenzani ngokhuni."

Kwavela iziqu zezihlahla kanye nezingodo kukhompyutha.

"Habe!" kumangala igundane elinoboya eligangile. Labamba ongezansi lingazi ukuthi kwenzekani.

8

Igundane eligangile elinoboya labuza kuleli lekhompyutha, "Uyakwazi ukudansa?"

Laqala ladansa igundane elinoboya eligangile, lijabule liphakamisa imilenze.

9

Lalijabule kusemnandi kangangokuthi alibonanga nekati elase limi lilijamele lithe njo etafuleni.

Lagxuma ikati lahlala phezu kwetafula!

"Ngizokukhombisa namhlanje ukuthi ngingubani!" kusho ikati liligxavuna ngamazipho.

10

Lethuka loma igundane elinoboya lizama ukubaleka. "Sizani bo! Sizani bo!" litswininiza.

Igundane lekhompyutha langcofoza inkinobho, bhanya! Kwavela isithombe sikabhova wenja ukhonkotha, "Wuuf, wuuf!"

Lethuka ikati lagxuma lehla etafuleni labaleka.

Kwaba ukuphepha kwalo igundane eligangile.

11

Igundane elinoboya eligangile lagona igundane lekhompyutha likhombisa ukubonga.

"Ngiyabonga ngokuphephisa impilo yami!" lisho egundaneni lekhompyutha.

Igundane eligangile elinoboya laqala ukuziphatha kahle.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Igundane elincane elinoboya
Author - Zanele Ndlovu, Zanele Zuma
Illustration - Aruna Keerthi Gamage
Language - isiZulu
Level - Read aloud