Lethwese Ihlobo
Fanezile Masilela
Wiehan de Jager

UNandi noGugu bathokozela ukudlala ingqathu ebaleni. Bayajabula ngoba sekuqala ukufudumala.
"Lithwese Ihlobo, lethwese Ihlobo, sizogxumagxuma"!

1

Izingane zidlala zikhululekile otshanini obuluhlaza. Izintuli nokoma kwaseBusika sekundlulile.
"Lethwese Ihlobo, lethwese ihlobo, thokozani zingane"!

2

"Ngiyayithanda Intwasahlobo ngoba kunezithelo eziningi", kusho uGugu ethokozile. Izithelo zikaGugu zinamagama, imibala nezimo ezahlukene. "Bangane ningayisho"? Kubuza uGugu.

3

Bonke abantu bamatasata ngemisebenzi yasemasimini. Batshala ukudla okwahlukene, njenge......

4

Intwasahlobo yisikhathi esithokozelwa yimindeni. Imindeni ithola uthuba lokubungaza imicimbi eyahlukene. Ungasho umcimbi owuthokozelayo emndenini wakho?
"Lethwese Ihlobo, lethwese Ihlobo, sizosina sijabule"!

5
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Lethwese Ihlobo
Author - Fanezile Masilela
Illustration - Wiehan de Jager, Offei Tettey Eugene, Isaac Okwir, Brian Wambi, Catherine Groenewald
Language - isiZulu
Level - First paragraphs