Ukwakheka Kombani
Nkululeko Khanye

Kwasukasukela!

Kwakukhona uJabulani, umfana omncanyana owayekhaliphile.

UJabulani wayethanda ukulusa izinkomo zasekhaya kubo ikakhulu uJamludi, inkunzi yakubo ayeyithanda.

UJabulani wayehlala ezibuza ukuthi kungani ngenzinye izinsuku ilanga lishisa ngezinye izinsuku lidume, kube nemvula kanye nombani.

1

Kwathi ngolunye usuku ilanga likhipha umkhovu etsheni, uJabulani wavelelwa inkinga enkulu.

Ngalolusuku wayeluse imfuyo nabanye abafana ababehlala ngasekhaya kubo futhi babehlezi ngaphansi kwesihlahla esikhu.

Bathuka kakhulu ngenkathi bezwa umsindo wento eyayiza ngakubo.

2

Kwathi besathukile kwaqhamuka amasela ezinkomo egibele amahhashi. Yiwo phela umsindo wokugijima kwamahhashi owabathusa oJabulani.

Amasela athatha zonke izinkomo zendawo kodwa uJamludi wabanika inkinga.

Phela uJamludi wayengafuni ukuhamba nabantu ayengabazi. Wagijima ukhalo lonke, elokhu ebhonga kakhulu.

3

Ukushisa kwemisebe yelanga kwadala ukuthi kube nomswakama.

Umswakama wona wakhuphukela phezulu esibhakabhakeni kwakhandeka amafu.

Kwaqala kwahlwa emini, kwaba nokuduma okusakundindizela kwase kuvela umbani.

Umbani ukhandeka phakathi nefu elikhu futhi elimnyama uma kushayisana amaqhwa kanye namanzi emvula.

4

Bakhathazeka kakhulu abafana bebona amasela ehamba nayo yonke imfuyo. Phela babazi ukuthi bazoshawa emakhaya uma bengabuyi nezinkomo.

UJabulani wafikwelwa umcabango wokuthi balandele amasela ukuze babone ukuthi ashone ngaphi.

Watshela abanye abafana ukuthi bagijime. Omunye wabafana wathi, "Ay ngeke bafowethu asingagijimi ngoba sekuduma izulu, lizosilimaza."

5

"Nginombono! Ngicabanga ukuthi kungasiza ukuthi siququde ikhathazo", kusho uThobani.

Bavuma ngo-elethu bonke bacinga ikhathazo. Phela ikhathazo ngumuthi ombiwa phansi. Lomuthi uququdwa uma kuduma izulu.

Balicinga-ke ikhathazo, ngenhlahla balithola.
Emva kwalokho baqhubeka nendlela balandela amasela.

6

Lase liduma kakhulu izulu, linombani omubi futhi lina ngenkathi abafana befika emzini owawunesibaya esikhulu.

"Yizo leziya izinkomo zasekhaya. Kufanele sizikhiphe bengakaboni. Asishesheni!" kusho UJabulani ebe evula isango lesibaya.

Abanye abafana bafikelwa ukwesaba kodwa uJabulani wagibela elinye lamahhashi wakhipha zonke isinkomo esibayeni.

7

Baqhubeka njalo bahamba bephindela emakhaya. Endleleni besahamba kwavela uthingo lwenkosazana.

Ukuqhamuka kothingo lwenkosazana kwakusho ukuthi izulu selidume ledlula. Ngalesi sikhathi, imvula yayisiphelile futhi ngombani ungasekho.

Bajabula bonke ekhaya ukubona izinkomo sezibuye zonke. UJabulani wafika wachaza ngokwenzakele base bencoma ubuhlakani bakhe.

8

Kwathi ngokuhamba kwesikhathi, uyise kaJabulani wanikeza uJabulani izinkomo ezinhlanu kulezo okwakungezamasela.

Phela amasela ayengeke esazithola izinkomo zawo ngenxa yomthetho wendawo owawuqinile.

UJabulani wakhula futhi waba nothando olukhulu ngemfuyo kanye nokufunda kabanzi ngokuguquka kwesimo sezulu.

Cosicosi yaphela!

9
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ukwakheka Kombani
Author - Nkululeko Khanye
Illustration -
Language - isiZulu
Level - Read aloud