Umkhonto kaThabani
Khanyi Dubazana
Rob Owen

UThabani wayengumfana okhula kancane. Wayenomfowabo uQhawekazi owayeyibhungu elihle futhi eliqhawe elihlonishwayo.

UThabani wayefisa ukufana nobhuti wakhe.

1

Ngelinye ilanga, uQhawekazi wapha umfowabo omcane umkhonto. Wajabula uThabani wagxumagxuma!

UQhawekazi wayethemba ukuthi uThabani uzokhula abe namandla, akwazi naye ukulwa izimpi azinqobe.

2

UQhawekazi wayephuma nezinye izinsizwa ayokulwa. Wayebuya nemiqhele, kodwa ngamanye amalanga abuye nemihuzuko namanxeba.

3

Uma umfowabo enqobile, uThabani wayefika ecula izingoma zokunqoba noma esho izibongo zakhe.

4

Kanti uma uQhawekazi elimele, wayesizwa nguThabani ukwelapha amanxeba akhe.

5

UThabani wayevuka ekuseni athathe umkhonto wakhe awulole.

Umkhonto wakhe wawuyisipho ayesithanda kakhulu.

6

Waba muhle umkhonto ulolwa, walungela ukusebenza.

Uma uQhawekazi esiya empini, uThabani yayefisa ukuhamba naye, kodwa wayexolisa ethi usalola umkhotho wakhe.

7

UThabani wawulola umkhonto waze wancipha kancane, kancane, waze wamncane wangangommese.

Lafika ilanga lapho uQhawekazi emcindezela ukuthi bahambe. "Thabani, usukhulile manje, kanti nomkhonto wakho usulungele ukusebenza."

8

"Thatha umkhonto, sihambe!" kusho uQhawekazi. Akamnikanga isikhathi sokucabanga.

Weza uThabani emva kukaQhawekazi esaba kakhulu! Waphuza ukubona uQhawekazi ukuthi umkhonto usuphelile ukulolwa!

9

Bafika empini. UThabani wafika nomkhonto ophelele etsheni egajwe uvalo nesikhali sakhe sasingemsize.

UQhawekazi wamfaka ngasemuva kwakhe ukuze amvikele umfowabo. Umkhonto kaThabani wawungayilungele neze impi!

10

UQhawekazi walimala elwa. Wasizwa uThabani ukumnakekela ukuze anqobe.

Umkhonto omncane owabe usungangommese wasika amahlamvu avala amanxeba kuQhawekazi kanye nalabo ababesempini nabo.

11

Babuya empini bethokozile. UQhawekazi wasizwa uThabani, noThabani wasizwa uQhawekazi ukuze banqobe izitha!

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Umkhonto kaThabani
Author - Khanyi Dubazana
Illustration - Rob Owen
Language - isiZulu
Level - First paragraphs