Icimbi elicwebezelayo
Clare Verbeek
Cathy Feek

Amaqanda achamusela amacimbi amancane.

1

Sawanikeza amahlamvu kamalibhele.

2

Akhula aba makhulu futhi aya ngokukhuluphala.

3

Amacimbi akha imifece kasilika.

4

Ngaphakathi kwemifece amacimbi ashintsha aba ngamabhu.

5

Abanye abantu bawafuya ngenhloso ethize amacimbi kasilika.

6

Ezweni laseChina bagcina izinkulungwane zalolu hlobo lwecimbi.

7

Benza izindwangu zikasilika ngemifece yawo.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Icimbi elicwebezelayo
Author - Clare Verbeek, Thembani Dladla, Zanele Buthelezi
Illustration - Cathy Feek
Language - isiZulu
Level - First sentences