Imbali
Innocentia Mthethwa
Wiehan de Jager

Mina ngiyimbali enhle.

1

Mina ngithelelwa amanzi ukuze ngihlale ngijabulile nsuku zonke.

2

Ngithanda nokwenza indawo engihlala kuyo ibe yinhle.

3

Uma kungena ihlobo ubona ngami ngoba ngihlala ngigqamile.

4

Mina ngipha impilo.

5

Mina ngiyimbali enhle.

6

Ngidinga ukunakelwa ukuze ngijabule.

7

Angithandi ukubona abantu bengeneme ngoba akungiphathi kahle emoyeni.

8

Mina ngininceda ukuthi niphefumule ukuze nihlale niphilile.

9

Mina ngiyimbali enhle.

10
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Imbali
Author - Innocentia Mthethwa
Illustration - Wiehan de Jager, Jonathan Field, Rob Owen
Language - isiZulu
Level - First sentences